Umeya Unxamalala Uhambele Ibandla Lase Pres
Namhlanje uMeya waseMgungundlovu District Municipality uCllr Mzi Zuma, ubehambele Ibandla lase Uniting Presbyterian Church lapho bekunomhlangano wonyaka wamadoda ebandla.
UMeya ukubeke kwacaca ukuthi injongo kaHulumeni ukuthi usebenzisane nazo zonke izinhlaka ezesebenzisana nomphakathi, ikakhulukazi ezenkolo ukuze kubambiswane ekwakheni umphakathi nesizwe.
Unxuse ibandla ukuba libambisane nohulumeni emkhankasweni wezempilo, ikakhulukazi ingculazi kanye nesandulela ngculazi njengoba kubalelwa ku-46% wamazinga abantu abahaqwe ilesisifo kwiSifunda sethu.
Uphinde wanxusa ibandla ukuba libe yingxenye yempi uhulumeni abhekene nayo yesifo sofuba phecelezi, TB. Unxenxe labo abathatha I-treatment ukuba bayiqede ngesikhathi esibekiwe.
uMeya uthe”Ibandla linendawo ebanzi elingayidlala ekuhlukumezekeni komama nezingane kanye nanoma uluphi uhlobo lodlame elwenziwa kumuntu”.
Amabandla aye-abamba iqhaza ngisho nakwezemfundo , kubalwa izikole zokuqala azekhiwa amabandla, ingabe amaRoma noma amaKhatholika.
uNxamalala uqhube wathi “Siyafisa ukuthi amabandla abambisane nohulumeni ekulweni nobugebengu emphakathini kanye nama social- ills”.