Namhlanje zingamashumi amabili nanhlanu uNhlangulane 2022, uMeya waseMgungundlovu , uKhansela uZuma uhambele emcimbini waNomkhubulwane obusendaweni yaseHopewell engaphansi kukaMasipala wase Richmond .
Lona umcimbi wokubonga isivuno , lomcimbi usentshenziselwa nokululeka amatshitshi nezintombi ngendlela yokuziphatha , kugcizelelwa kakhulu ukuba zingazibandakanyi nocansi zingakashadi . Ku lomcimbi kubuye kukhuthazwe nokuthi izintombi zikhuthalele imfundo.
UMeya uZuma , ubonge kakhulu umhleli walomcimbi uDokotela Nomagugu Ngobese ngombono nentshisekelo anayo ngokwakha isizwe . ‘ Sicela ungadikibali Dokotela Ngobese noma ungangakuthola ukusekwa okwanele ezinhlakeni ezikhona emphakathini, kusho uKhansela uZuma .
Nani bantu abasha eniyingxenye yaloluhlelo oluhle kangaka lokwakha isizwe , thathani iziluleko zomama abasebenza nani kuloluhlelo lokukhuliswa ngokwesiko lwesintu uma nenzenjalo niyovikeleka kwingculazi (AIDS ) nakwisandulela ngculazi( HIV) , ngikusho lokhu ngoba kule District yethu kuphela kunabantu ababalelwa ku 46% abanalesifo. Uma niziphathe kahle ngeke nibeyingxenye yalezizibalo. Gxilani emfundweni yikhona nizoba abantu abangcono kanye nemindeni yenu nemiphakathi yenu’ kusho uMeya uZuma.