Skip to main content

Umkhankaso uza ngamandla

22 October 2024
Kamuva nje, ezweni jikelele, sekubikwe izigameko ezishaqisayo lapho izingane zesikole ikakhulukazi, zivele zigule zize ziphuthunyiswe ezibhedlela, kanti kokunye kube ukuthi ziyahamba emhlabeni. Uma kwenziwa uphenyo , kutholakale ukuthi zidle ukudla okungalungile ngenxa yokuthi sekudlule isikhathi sokuthi kungadliwa ngakho akuphephile, noma ngezinye nje izizathu. Lenkinga ihlasele kwisifunda sase Mgungundlovu kumasipala wase Richmond ngeSonto eledlule. UMayor wesifunda uKhansela Mzi Zuma kanye noMayor wase Khaya e Richmond bagaleleke ezitolo, ikakhulukazi zabokufika okuvamise ukuthi kutholakale ukuthi yibo abadayisa ukudla okungasile. Le operation ihambele ePhatheni, edolobheni neSy’athuthuka ka Ward 2, nakwezinye izindawo. Kutholakale abadayisi abangenawo amaphepha aqondile okuba seMzansi nokuthi basebenze. Ababanjiwe: 5x Malawian Males 3x Malawian females 2x Lesotho Males 1x Ethiopian Male 1x Bandladesh male uboshwele ukuqasha abokuhamba abaseMzansi ngokungekho emthetweni.