Skip to main content

Elandskop Computer Centre

15 October 2024
Izolo, kuvulwe ngenkulu inhlokomo isikhungo sama computer esibizwa nge Elandskop Computer Centre endaweni yaseSkhobho kwa ward 7khona kwa Vulindliela. Lesis'khungo sakhiwe uShekela Mayor wase Msunduzi uKansela Mxolisi Mkhize, obekuwukufezeka kwephupho lakhe elaqala ngezikhathi ze covid, lapho abona abantu behlupheka bengakwazi ukuxhumana nezwe nokuthola ulwazi ngoba bengwenawo ama computer.