Skip to main content

Kubungazwe izaguga namakhehla evile ekhulwini leminyaka ubudala emahhovisi oMkhandlu eMgungundlovu

22 May 2024
uMayor womkhandlu wesifunda uMgungundlovu uKhansela Mzi Zuma, uphinde washaya adume ngazo ebungaza ogogo nomkhulu ezindlini zawo lomkhandlu namuhla. uMeya ubehambisana nosihlalo wekomidi lakwa " Community Services" ophinde abe ilunga lesigungu esikhulu somkhandlu, uKhansela Sphe Zungu, usihlalo wesigungu esibhekelela izaguga eMgungundlovu uMama u Zondi, ibamba likaMasipala uMnu Sithole, ihloko yomnyango wakwa"Community Services u Lihle Hadebe, nezimenenja zakwa Masipala. Iminyango kaHulumeni wesifunda ebikhona, ihhovisi lika Ndunankulu, kanye nomnyango wezempilo. Bezicela emashumini amathathu izaguga ebezibungazwazuvela komasipala basekhaya ngaphansi kwesifunda, zonke ezineminyaka eyikhulu kuyaphezulu. Echaza ngenhloso yalomncimbi uKhansela Zungu uthe " Nibaliluke kakhulu kuthina njengabantwana noma abazukulu benu. Nahlahla indlela yalenkululeko esinayo nahamba nayovota, nivotela lentuthuko esiyibonayo namhlanje. Siyanibonga kakhulu ngalokho". uNxamalala ube esekhuluma nogogo nomkhulu ethi " umsebenzi wethu njengohulumeni enawukhetha ukuthi sininakekele. Ngaphambilini, imali yesabelo, ibitholakala kanye emva kwezinyanga ezimbili noma ezintathu, futhi abantu abamnyama behola encane kunazozonke izinhlanga. Ngo 2008 singuhulumeni sakushintsha konke lokho imali yesabelo yatholakala zonke izinyanga futhi yalingana kuzona zonke izinhlanga". uMeya ube esebhekisa ngqo kulaba ababheke izaguga ethi. " suyabonga kakhulu umsebenzi eniwenzayo, futhi siyanicela niqhubeke njalo. Esik'celayo ikakhulu ukuthi lemali njengoba kungeyokubheka omkhulu nogogo, ayingasetshenziselwa okunye, ayenze umsebenzi wayo wokunakekela ogogo nomkhulu" kuyaleza uNxamalala. Esephothula uthe kubalulekile ukuthi ubuhlakani nolwazi olungabhaliwe phansi izaguga ezinalo, kusondelwe kubona ukuze siluncele, futhi kwenziwe nohlelo lokuthi baqoshwe benikezela ngalolulwazi ukuze lugcinwe, bese luyasetshenziswa. Emgodleni wezaguga bekukhona u- blanket, ithawula, i gown, i grocer, inyama kukuhle kunjeyaya. Onkabi besebezitika ke ngesidlo sasemini ebebelungiselwe sona.