Ingoma and Isicathamiya Festival- Africa Month Celebration
22 May 2024
Namhlanje bekumnandi kudelile ka Ward 7 kwa Vulindlela, ngaphansi kwamasipala wasekhaya uMsunduzi, lapho iMeya yomkhandlu wesifunda uKhansela Mzi Zuma ube hlanganise amaciko esicathamiya kanye nengoma, waphinde wabaklomelisa gezizumbulu zika 5000 iqembu ngalinye. Bekunamaqembu amathathu esicathamiya, nayishumi nambili awengoma.
Ngaphambi kokuthi athule uMayor, usihlalo we Portfolio Committee yakwa “ Community Services” uKhansela Sphe Zungu, uthe “ Kubalulekile ukuthi intsha izimbandakanye nezamaciko ukuze ningadukelani nemvelaphi yenu, nokuthi nihambele kude nezidakamizwa. Nina niyikusasa lalelizwe, ngakhoke amathuba eniwanikexws uhulumeni, ngenganamhlanje, kumele niwasebenzise”
UNxamalala ube eseyilanda ekuqaleni ethi “ Ngo 1955 eKliptown, ilapho la kwahlanganiswa khona usomqulu owawuchaza kabanzi ngenkululeko esasiyifuna. Umyalezo omkhulu wa lowo somqulu wawuthi”The people shall govern’ okuchaza ukuthi abantu ibona abayolawula ukuphathwa kukahulumeni, njengoba kwenzeka manje. Ukuba khona kwethu la, sizolekelela intsha ukuthi yenze izinto ezizobenza babe abantu abangcono nabayikusasa lalelizwe”
UNxamalala ukhale ngezinto ezilimaza I kusasa lentsha, njengokuthola izingane bengakakulungeli. “izingane ezineminyaka ephakathi kuka 10 no 13, zithola izingane okuyinto ewumkhuba omubi kakhulu. Izinto zamasiko njenganamaciko kanje, zifundisa ukuziphatha kahle, yingakho siluxhasa loluhlelo “
Isigungu samaciko saseMgungundlovu iCCIFSA, iluthakazele kakhulu loluxhaso lwaseNgungundlovu.