Skip to main content

Amanzi ebantwini!

22 May 2024
Namhlanje ekuseni uMeya woMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu, uKhansela uMzi Zuma ehambisana nethimba lakhe laseMgungundlovu uzifikele mathupha eMkhambathini ukuzohlola umsebenzi oqhubekayo wokuletha amanzi eManyavu ngaphansi kwe project ebizwa Nkanyezini Community Water Supply Scheme Phase 2. Ngaphansi kwale project kuchithwe imali engu R120 890 000 kanti babalelwa ku 24 624 abantu abazohlomula kuyo. UNxamalala uthe ethola umbiko wokuthi kunezingqinamba ngokungena kwamazi endaweni yaseManyavu wabe esephikelela khona ukuyoxoxisana nosonkontileka ukuzwa izinkinga ahlangabezana nazo kulomsebenzi. Kuya Els ukuthi ngesikhathi bevivinya ipayipi ukuthi lizowubekezelela yini unfurnished wamanzi, ilapho Kwavele khona Inkinga Edina nge ukuthi Keene kancane esikhathini okwakuvunyelwene ngaso. Usonkontileka uthembisile ukulungisa lenkinga maduze ukuze amanzi angene endaweni yaseManyavu kungekudala.