Skip to main content

KWETHULWE UHLELO LOKUXWAYISA NGEZINHLEKELE EZIBANGWA USIMO SEZULU

26 April 2024
Namhlanje kwethulwe uhlelo lwezixwayiso ngokuguquguquka kwesimo sezulu i- Integrated Climate-driven Multi-hazard Early Warning Systems eThembalihle eward 36 ngaphansi komas’pala uMsunduzi eMgungundlovu. Bukueusuku lweSine nje ngalokho loluhlelo laqala ngoMsombuluko e Ascot Inn, kanti luyaphothulwa khona kusasa. Namhlanje ekseni, umphakathi wase Thembalihle namaphethelo, ulamukele ngentokozo loluhlelo olwethulwe uMasiPala wesiFunda uMgungundlovu oholwa uMeya u Cllr Mzi Zuma. Loluhlelo beleethulwa abakwa South African Weather Services kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni. Loluhlelo lwenzelwe ukuqinisa izindlela zokugwema ukuthikanyezwa izihlekelelele ezidalwa isimo sezulu, ukuqeqesha umphakathi ngeqhaza ongalibamba ukuze uzilungiselele futhi uzivikele ungathikanyezwa isimo sezulu esibi. Ubaba uMkhushulwa weSouth African Weather Services ,ophinde sbe umethuli wesimo sezulu ngolwimi lwesiZulu kwaSABC TV, ukhulume kakhulu ebhekise kubafundi ngokubaluleka kokukhetha izifundo zeSayensi ezibalulekile umazifundela ukuhlaziya isimo sezulu. Uphinde wagcizelela ukuthi kubalulekile konke lokhu ukuze kukhuselwe ingqala sizinda yesifundazwe. Obekhulumela ubuholi bendabuko iNkosi uMkhize waseMbo, uzwakalise ukuthokoza ngaloluhlelo esho ukuthi lufike kahle ngesikhathi sezenzeka kaningi lezinhlekelele ezindaweni eziningi esifundazweni ikwaZulu-Natal. uNxamalala Ubonge ubuholi bendabuko ngokuthamela loluhlelo. Ubeseqhuba ebonga ubuholi beSouth African Weather Services,amakhansela onke akade ekhona obekubalwa kuwo u Cllr Sphe Zungu no Cllr Sox Dlamini. Ubeseqhuba egcizelela ukuthi lubalulekile loluhlelo ngoba izinhlekelele zesimo sezulu azigcini ngokuthikameza ingqalasizinda kuphela kodwa zithikameza ngisho umnotho wesifundazwe.Uphinde wanxusa ukuthi umphakathi ubambe iqhaza kuloluhlelo njengokugcina indawo ohlala kuzo zihlanzekile, unciphise ukugencwa kwezihlahla ukuze kongiwe imvelo. Unxuse ukuba kuqalwe uhlelo lokutshalwa kwezihlahla emphakathini. Esevala ucele ukubambisana nezinye izinhlaka ukwenza uhlelo lwezixwayiso ngokuguquka kwesimo sezulu ukuze kuvikeleke impahla yabantu futhi kuthuthukiswe umnotho wesifunda.