Silwa Nezinhlekelele Ngaphambi Kokuba Zenzeke‼️
29 October 2025
UMeya woMkhandlu wesiFunda saseMgungundlovu, uKhansela Mzi Zuma, uthe akuyona isayensi kuphela esinikeza izixazululo uma kubhekwene nezinhlekelele zesimo sezulu, kodwa kudingeka kuhlonishwe ulwazi lwendabuko olusondele kubantu. Ubekhuluma eHholo laseNhlabamkhosi eMpendle ngesikhathi kubungazwa Usuku Lomhlaba Lokulwisana Nezinhlekelele Zesimo Sezulu, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Fund Resilience and Not Disasters.”
Lo mcimbi ubuhlelwe uphiko lwezinhlekelele nezicisha-mlilo ngaphansi koMkhandlu wesiFunda saseMgungundlovu ngokubambisana nezinhlangano ezifana no Santam, Red Cross, nezinhlaka zikahulumeni ezihlanganisa uMnyango wezokuthuthukiswa koMnotho Ezokuvakasha Nezemvelo, uMnyango wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu kanye neNhlangano Yezinhlaka Zombuso Zendawo zaseNingizimu Afrika uSALGA.
Kulomcimbi uMeya ubekanye noKhansela uWonder Dlamini kunikezelwe izitifiketi kumalunga omphakathi wakwaWadi 1 no-2 eMpendle, abeqeqeshelwe ukuba izicishamlilo esigabeni sokuqala, kanti oMasipala abangaphansi boMkhandlu wesiFunda bahlomule ngezinsiza zokucisha umlilo nezibhulo.
UMeya Zuma uthe uMkhandlu wesiFunda unomsebenzi wokuba ulungele futhi ube yimpendulo uma kuvela izinhlekelele. Uveze ukuthi nakuba uhlelo lokuba impendulo ngolwimi lwasemzini okuhunyushwa ngokuthi i-Climate Change Strategy of the District- lagcina ukubuyekezwa ngo-2013, seliqalile uhlelo lokulibuyekeza ukuze lihambisane nezimo zesikhathi samanje futhi lihlanganise nemibono yomphakathi.
Uqhube wathi sekuyisikhathi sokuba wonke umuntu athathe indima ekuzilungiseleleni izinguquko zesimo sezulu, ngoba izinto sezishintshile. “Sekuyenzeka kubande ehlobo, kushise ebusika, noma kudume ngesikhathi senkwindla — okusho ukuthi kumele sishintshe indlela esenza ngayo izinto,” kusho uMeya.
UMeya ugcizelele ukubaluleka kolwazi lwendabuko, ethi abantu bendabuko babaluleke kakhulu ekwaziseni nasekuqapheleni izinguquko zemvelo. “Akuyona isayensi kuphela ezoletha izixazululo — nabantu bendabuko banezindlela ezibalulekile zokuvikela imvelo,” esho kanjalo.
Ekuphetheni, ugqugquzele ukutshala izihlahla nokwenza luhlaza izindawo zethu ukuze kuncishiswe umoya ongcolile phecelezi i-carbon dioxide, kutholakale umoya-mpilo, umthunzi, kanye nokudla. Ubuye wanxusa umphakathi ukuthi ungalahli imfucuza ezitamkokweni, kodwa uyilahle ngendlela efanele ukuze kugwemeke izinkinga zemvelo.